Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Makamnike isihlathi ommukulayo, asuthe inhlamba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Unika isihlathi sakhe komshayayo; ugcwele ihlazo.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:30
11 Referans Kwoze  

Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.


Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.


Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula,


Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.


ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.


Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.


Buthana ngamaviyo, ndodakazi yamaviyo; usivimbezele, bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.


Sihawukele, Jehova sihawukele, ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.


Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele.


Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite