Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:22
20 Referans Kwoze  

Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.


“Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.


Umusa wayo unqamukile njalo yini na? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.


Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova; ‘angiyikuninyakamela, ngokuba nginomusa,’ usho uJehova; ‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.


Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’


Wayesethi uDavide kuGadi: “Nginosizi kakhulu; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”


Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule.


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite