Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ungemuke ukuthula, angisakwazi ukujabula, nezinto ezinhle azisekho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi uwususile umphefumulo wami kude nokuthula; ngikhohlwe ukuchuma.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:17
13 Referans Kwoze  

Siyagwavuma sonke njengamabhere,* siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo.


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene.


Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.


Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.


Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa, kepha umusa wami awuyikumuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,” usho uJehova okuhawukelayo.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


Ukusindiswa kukude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.


Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite