Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangifaka umlotha.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:16
10 Referans Kwoze  

Isinkwa samanga simnandi kumuntu, kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!


Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.


“Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;


“Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,


Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.


Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.


Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela, namazinyo amabhongo ayaphuka.


Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite