Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova wayecebile ukuchitha ugange lwendodakazi yaseSiyoni; wawelula umucu wokulinganisa, akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni; wenza ukuba kukhale ugange nodonga, kudangale kanyekanye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 USimakade wayekuhlosile ukubhubhisa udonga lwendodakazi iZiyoni; welula intambo yokulinganisa, akasibambanga isandla sakhe ekubhubhiseni; washiya imigoqo nezindonga kukhala; kuyincithakalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wahlosa ukudiliza ugange lwendodakazi yaseSiyoni; Welula umucu wokulinganisa, isandla sakhe asihlehlanga ukubhubhisa; ngalokho wenza ukuba kukhale imiduli nogange; baphelelwa amandla kanyekanye.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:8
17 Referans Kwoze  

Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele.


“UJuda uyalila, amasango akhe adangele, ahlezi emhlabathini edabukile, nokukhala kweJerusalema kwenyukile.


Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu, kwakhe kulo isikhova negwababa; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo, nomthofu wokumisa wokuyize.


Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.


Nokho ngabuyisa isandla sami, ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.


INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa, nokulunga kube ngumthofu wokumisa, isichotho sihlwithe isiphephelo samanga, amanzi akhukhule indawo yokucasha.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


masingasondeli kimi isandla sakho, ngingethuswa yingebhe ngawe.


Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni, izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku. Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.


Ngokuba kulusuku lokukhathazeka, nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka, oluvela eNkosini uJehova Sebawoti esiGodini Sombono kanye nokudilizwa kwezingange nokumemeza ezintabeni.


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite