Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 “Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenze kubani lokhu. Ingabe abesifazane bazodla izithelo zabo kanye nezingane isikhathi eside? umpristi nomprofethi bayakubulawa endlini engcwele kaJehova na?

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:20
24 Referans Kwoze  

Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’


Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila.


Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.


Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Ubuso bukaJehova buyabahlakaza, akasayikubanakekela. Abahloniphi ubuso babapristi, kababanga namusa kumalunga.


“Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.


wena muzi ogcwele ukumemeza, oxokozelayo, muzi othokozayo, na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, kabafelanga empini.


Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Aphuma, abulala emzini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite