Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo, uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Vuka umpongoloze ezinzulwini zobusuku, inhliziyo yakho uyithulule njengamanzi phambi kobuso beNkosi. Phakamisela izandla zakho kuyo, ukhulekele izingane zakho, ezibulawa yindlala emajikeni ayo yonke imigwaqo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Vuka, ukhale ebusuku; thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kukaJehova ekuqaleni kwemilindo; phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwabantwana bakho abafa yindlala ezingqongeni zonke zemigwaqo.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:19
31 Referans Kwoze  

Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*


Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.


Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami, ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.


Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi, besand' ukubeka abalindi; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


“Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni,


Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.


Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho.


Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.


Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehova nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.


Lapho ngithumela kini imicibisholo emibi yendlala eyakuba ngukuchitheka kwabo, engiyakuyithuma ukunichitha, ngiyakukhulisa indlala phezu kwenu, ngaphule uzime lwenu lwesinkwa,


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele, nimbonge uJehova.


Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.


Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,


Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: “Sonile kuJehova.” USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


Nalo lamukiswa, laya ekuthunjweni, nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngezikhulu zalo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.


Yebo, zwanini izwi likaJehova nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu ukukhala, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite