Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni, izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku. Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Izinhliziyo zabo mazikhale eNkosini; wena ludonga lwendodakazi iZiyoni, izinyembezi mazigelezise okwemifula, mawungaphumuli imini nobusuku, inhlamvu yeso lakho ingakutholi ukuphumula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Izinhliziyo zabo zakhala eNkosini, wena ludonga lwendodakazi yaseSiyoni, izinyembezi mazigeleze imini nobusuku njengomfula; ungayeki inhlamvu yeso lakho.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:18
14 Referans Kwoze  

Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova; izimiso zakho ngiyakuzigcina.


UJehova wayecebile ukuchitha ugange lwendodakazi yaseSiyoni; wawelula umucu wokulinganisa, akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni; wenza ukuba kukhale ugange nodonga, kudangale kanyekanye.


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.


Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni, nomshayo uyakuwaphendula usemithini.


Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.


Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.


“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite