Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyoni amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka-Israyeli emhlabeni busuke ezulwini, angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Maye! INkosi yembese indodakazi iZiyoni ngamafu entukuthelo yayo! Ibulahle phansi ubukhazikhazi buka-Israyeli, yabubeka emhlabeni, busuka ezulwini. Ngosuku lwentukuthelo yayo, ayilikhumbulanga ithempeli eliyisenabelo sezinyawo zayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Yeka indlela uJehova amboza ngayo indodakazi yaseSiyoni ngokuthukuthela kwakhe ngefu, wawisa ubuhle buka-Israyeli emhlabeni busuka ezulwini, futhi akasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zakhe ngosuku lwentukuthelo yakhe!

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 2:1
28 Referans Kwoze  

“Masingene endlini yakhe, sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.


UDavide inkosi wayesema ngezinyawo, wathi: “Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu: mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesenabelo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha.


Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.


Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama, lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.


Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena.


Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese.*


Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.


Yeka ukufiphala kwegolide nokuguquka kwegolide elihle! Amatshe endlu engcwele ahlakazekile ezingosini zazo zonke izitaladi.


Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.


Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho obaba babekudumisa khona, ishisiwe ngomlilo, nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.


“Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!


Wamqamba umntwana ngokuthi u-Ikabodi,* ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.


Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela*


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


UJehova ufezile ukufutheka kwakhe, uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe; uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite