Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha, kungekho olisizayo, abamelene nalo balibona, bahleka ukuchithwa kwalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 IJerusalema ekuhluphekeni nasekuzulazuleni kwalo, liyazikhumbula zonke izinto ezinhle elalinazo emandulo. Lapho abantu balo bewela esandleni sesitha, akubanga bikho muntu owabasiza. Isitha sabukela, sababhinqa ngokuwa kwalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ezinsukwini zosizi lwayo iJerusalema lakhumbula zonke izinto zalo ezithandekayo elalinakho ezinsukwini zasendulo, lapho abantu balo bewela esandleni sesitha, kungekho muntu owalisiza; izitha zayibona zayiklolodela. Ngamasabatha akhe.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:7
23 Referans Kwoze  

Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


“Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa.


“Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.


Manje izizwe eziningi zikubuthanele; zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu alibuke iSiyoni.”


Uyakulandela izithandwa zakhe, kepha akayikuzifica; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje enkosini yakwaJuda eyanithuma kimi ukubuza kimi, nithi: ‘Bheka, impi kaFaro ephume ukunisiza iyakubuyela eGibithe, izwe lakubo.


Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*


“Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,


Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho obaba babekudumisa khona, ishisiwe ngomlilo, nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.


U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?


Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane; iSiyoni liphendukile ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


uthi kubantwana bakwa-Amoni: ‘Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite