Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJuda waya ekudingisweni ngenxa yosizi nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, kakutholi ukuphumula; bonke abashushisi balo balifica endaweni engenalutho.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:3
22 Referans Kwoze  

Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.


Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.


Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.


Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.


Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo.


Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.


Abanye abantu ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.


Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba.


Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yayifica emathafeni aseJeriko, yonke impi yayo yahlakazeka.


uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


“Chezukani, ningcolile!” bamemeza kubo: “Chezukani, chezukani, ningathinti!” Lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: “Abasayikugogobala lapha.”


Abasixoshayo basezintayeni zethu; sikhathele, asinakuphumula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite