Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 “Bheka, Simakade, ngokuba ngilusizi, kuphethuka izibilini. Inhliziyo yami iyayaluza ngaphakathi, ngokuba ngihlubuke kakhulu. Ngaphandle inkemba idla lubi; endlini ngukufa kodwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Bheka, Jehova! ngokuba ngisosizini; amathumbu ami awaphumuli; inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami; ngoba ngahlubuka kakhulu; ngaphandle uphanga inkemba, ekhaya kunjengokufa.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:20
32 Referans Kwoze  

Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


“Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.


Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu* ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.


Ngaphandle inkemba iyakwaphuca, ingebhe phakathi emakamelweni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, aziphumuli; izinsuku zosizi zingehlele.


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.


“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.


Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo. Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


“Ngalokho inhliziyo yami ikhalela uMowabi njengemitshingo, futhi inhliziyo yami ikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo, ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


uthi: ‘Anginacala.’ Nempela intukuthelo yakhe ibuyile kimi. Bheka, ngiyakwahlulelana nawe, ngokuba uthi: ‘Angonanga.’


Ngatshiyozisa okwenkonjane, ngaliliselisa okwejuba; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami.”


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:


Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.


Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.


IJerusalema lalonile kakhulu; ngalokho seliyisinengiso; bonke ababelidumisa sebelidelela ngokuba bebone ubunqunu balo; seliyabubula nalo, libuyela emuva.


sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho;


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite