Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ephezulu wathumela umlilo emathanjeni ami, wawaqeda; Wenekela izinyawo zami inetha, wangibuyisela; Wangenza isichitho futhi ngikhathele usuku lonke.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:13
31 Referans Kwoze  

Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.


Ngiyakweneka inetha lami, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBabele, ngimahlulele khona ngeseqo sakhe eqe ngaso kimi.


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele, ungihaqe ngenetha.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.


Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho ngesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.


Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,


“Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho, wenze kuzo njengokwenza kwakho kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.”


Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.


Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo, abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi: ‘Ningonkulunkulu bethu.’


Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iSiyoni.


Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


Ngokuba uyaphonswa yizinyawo zakhe enetheni, uhamba phezu kweveku.


Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula, kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho, kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,


Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.


Abazidlayo bangifihlela ugibe; ngezintambo bendlala inetha; eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela*


Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo.


Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite