Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Akulutho yini kini nonke enidlulayo? bhekani, nibone, uma lukhona usizi olunjengosizi lwami engabuzwa ngalo uJehova wangicindezela ngalo ngosuku lwentukuthelo yakhe.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:12
18 Referans Kwoze  

Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyikubuya, aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.


benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.


Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?


Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu, umhlaba unyakaziswe endaweni yawo, ngentukuthelo kaJehova Sebawoti ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.


Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile.


Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka, nikhale, nihewule, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.


Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


Bheka, isivunguvungu sikaJehova! Ukufutheka kwakhe kuphumile, isivunguvungu esichithayo; siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.


U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?


“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”


Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyoni amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka-Israyeli emhlabeni busuke ezulwini, angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite