Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo, ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Isitha selulele isandla saso phezu kwazo zonke izinto zalo ezithandekayo, ngoba libona ukuthi abezizwe babengena endlini yalo engcwele, owazilaya ukuthi bangangeni ebandleni lakho.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 1:10
22 Referans Kwoze  

“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowabo akayikungena kuze kube nasesizukulwaneni seshumi ebandleni likaJehova kuze kube phakade,


“Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba; amahloni asibekela ubuso bethu, ngokuba abafokazi bangenile ezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.”


IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha, kungekho olisizayo, abamelene nalo balibona, bahleka ukuchithwa kwalo.


Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,


“Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,


lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Aphuma, abulala emzini.


Ngiyakufulathelisa ubuso bami kubo, balingcolise igugu lami, kungene kulo abaphangi, balingcolise.


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.


Ngiyakunikela imfuyo yakho nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.


Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.


Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabele ukuba bamemeze eSiyoni impindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!


ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke lokho wakuyisa eBabele.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ngezinsika, nangolwandle, nangezinqe, nangensali yezitsha ezisele kulo muzi,


yebo, usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngezitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema, uthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite