Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Sanikwa ukuba singababulali, kodwa sibahluphe izinyanga ezinhlanu. Ukuhlushwa kwabo kwakufana nobuhlungu bokulunywa ngufezela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Sase sinikwa ukuba singababulali, kodwa bahlushwe izinyanga eziyisihlanu; nobuhlungu babo kwakunjengobuhlungu bukafezela, lapho eshaya umuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Sase sinikwa ukuba singababulali, kodwa bahlushwe izinyanga eziyisihlanu; nobuhlungu babo kwakunjengobuhlungu bukafezela, lapho eshaya umuntu.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 9:5
12 Referans Kwoze  

Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu.


UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”


Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.


Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.


UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”


“Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.


Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”


yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.”


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite