Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwaphuma isikhonyane entuthwini, saqonda emhlabeni, sanikwa amandla afana nalawo anikwa ofezela bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, saphiwa amandla anjengamandla ofezela bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, saphiwa amandla anjengamandla ofezela bomhlaba.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 9:3
16 Referans Kwoze  

Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.


Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;


Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.’ ”


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.


Izikhulu zakho zinjengezinkumbi, nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza, kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke, ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.


Lapho umlilo uyakukuqeda, inkemba ikunqume, ikudle njengenkasa; zandise njengenkasa, zandise njengesikhonyane!


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.


Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”


yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.”


Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite