Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Yavula umgodi wakwalasha; kwaphuma isikhatha sentuthu kungathi intuthu iphuma eziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngentuthu eyayiphuma emgodini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 9:2
16 Referans Kwoze  

Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.


Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulu nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.


Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.


Klewula wena sango, dazuluka wena muzi, phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi; akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.


Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso.”


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye.


Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.


Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte* nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


Ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”


Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.


Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite