Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 9:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Izingelosi ezine ezazilungiselwe ihora, usuku, inyanga, nonyaka, zakhululwa ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Zase zithukululwa izingelosi ezine, ebezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale ingxenye yesithathu yabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Zase zithukululwa izingelosi ezine, ebezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale ingxenye yesithathu yabantu.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 9:15
9 Referans Kwoze  

Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.


Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.


kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.


Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu.


Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.


Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,


Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.


Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite