Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 8:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kuthe lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwathi cwaka ezulwini cishe ingxenye yehora.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 8:1
14 Referans Kwoze  

Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: “Woza!”


Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye.


Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi:


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo.


Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.


Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: “Woza!”


Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe.


Nalapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: “Woza!”


Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite