Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Elinye lamalunga laphendula, lathi kimi: “Bangobani laba abembethe izingubo ezimhlophe, futhi bavelaphi na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Omunye wamalunga waphendula, wathi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani na? bavela ngaphi na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Omunye wamalunga waphendula, wathi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani na? bavela ngaphi na?

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 7:13
11 Referans Kwoze  

Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,


amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,


Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”


Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe, enemiqhele yegolide emakhanda awo.


Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.


Owesifazane wayeseya ukubika endodeni yakhe, ethi: “Kufikile kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sasinjengesimo sengelosi kaNkulunkulu, sesabeka kakhulu; angimbuzanga ukuthi uvelaphi, naye akangitshelanga igama lakhe.


Yathi: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi na? Uyangaphi na?” Wathi: “Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami.”


Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.


Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?


“Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite