Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 5:5
25 Referans Kwoze  

Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.


“Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”


Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.


Futhi u-Isaya uthi: “Kuyakuba khona impande kaJesayi, yena oyakuvuka abuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”


mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.


Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: “Woza!”


Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe, enemiqhele yegolide emakhanda awo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bamba izwi lakho, ungakhali, amehlo akho angabi nazinyembezi, ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova, “babuye ezweni lesitha.


Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”


amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane


Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.”


Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.”


Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu.


Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.”


Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo.


Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.


Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, sinesenabelo segolide esasinamathelisiwe esihlalweni sobukhosi, nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.


Umhlane wakhe uyizinhla zezihlangu; zinamathelisiwe njengangophawu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite