Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 3:3
24 Referans Kwoze  

ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.


ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.


“Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.


Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.


Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,


funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele.


Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini.


Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Le ncwadi, bathandekayo, isingeyesibili enginilobele yona, engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza,


“Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.


kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike.


Ngithi kufanele, nxa ngisekhona kuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza,


Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;


Niyakukhumbula khona izindlela zenu, nazo zonke izenzo zenu enizingcolise ngazo, ninengeke emehlweni enu ngakho konke okubi enikwenzileyo.


Vuka ulinde, uqinise okuseleyo obekuzakufa, ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;


“Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite