Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 3:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 3:17
26 Referans Kwoze  

Kukhona ozishaya ocebileyo, engenalutho kodwa; kukhona ozishaya ompofu, enemfuyo enkulu.


U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, ngithole imfuyo; kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.”


Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile – nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.


Wo! mina muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na?


Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze.


Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.


Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.


Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.


ngokuba okungekho kuye lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, ekhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala.


“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


“Kepha maye kinina bacebileyo, ngokuba niyamukele induduzo yenu!


ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.


UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;


Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;


“Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. “Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye, na? Basholoni abantu bami ukuthi: ‘Sesidlubulundile, asisayikubuyela kuwe,’ na?


Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami, nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na? Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo, oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?


funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: ‘UJehova ungubani na’ ” funa ngibe mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.


Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite