Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:8
39 Referans Kwoze  

“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.


Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,


Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.


futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.


Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’


Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.


Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe. Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu, uthi: ‘Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi!’ ” Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili, kwasala abayizinkulungwane eziyishumi.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;


“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?


lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.


Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte* nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho.’


lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite