Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:5
14 Referans Kwoze  

Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.


Izinto zakuqala zifikile, sengimemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”


Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.


Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”


Yayisithi kimi: “Lawo mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wemimoya yabaprofethi iyithumile ingelosi yayo ukuzikhombisa izinceku zayo okuzakwenzeka masinyane.”


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Masinyane ngaba kuMoya. Bheka, isihlalo sobukhosi sasimi ezulwini nohlezi phezu kwesihlalo sobukhosi;


Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubonga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,


“Ngakho-ke loba okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.


Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.


futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.


Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite