Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:27
28 Referans Kwoze  

Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele; iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.


Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.


Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.


Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika, bathathe kuwo, bapheke kuwo, kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.


UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.


nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.”


Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.*


Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”


Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe –


Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,


Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite