Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Amasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyukuba bikho lapho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:25
7 Referans Kwoze  

Amasango akho ayakuvuleka njalo, awayikuvalwa imini nobusuku, ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.


Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.


Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.


Ilanga lakho alisayikushona, nenyanga yakho ayisayikuncipha, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli;


Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite