Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 2:13
27 Referans Kwoze  

Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.


“Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.


uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;


futhi mhla kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, ngangimi khona mina, ngivuma, ngilinda izingubo zabambulalayo.’


Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.


ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;


masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;


Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;


“Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?


kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.


vivinyani konke, nibambisise okuhle;


nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”


Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.


Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”


nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe


Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”


Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.


Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite