Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 2:10
36 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.


kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.


Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile – nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.


Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;


Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Yabalalela kule nto, yabalinga izinsuku eziyishumi.


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.


enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli,


Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,


Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.


“Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.


Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.


“Ake ulinge izinceku zakho izinsuku eziyishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.”


Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo.


Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.


Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


Wasondela ngosuku lokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite