Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 19:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 ukuze nidle inyama yamakhosi, inyama yezinduna, inyama yamaqhawe, inyama yamahhashi neyabagibele kuwo, inyama yabo bonke abakhululekileyo neyalabo abayizigqila, abancane nabadala.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 ukuze nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamadoda anamandla, nenyama yamahhashi, neyabakhweleyo, nenyama yabo bonke abantu, abakhulule nabayizigqila, nabancane. futhi kukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 ukuze nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamadoda anamandla, nenyama yamahhashi, neyabakhweleyo, nenyama yabo bonke abantu, abakhulule nabayizigqila, nabancane. Futhi kukhulu.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 19:18
18 Referans Kwoze  

Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


“ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.


Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,


UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”


Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.


Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo


Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”


Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.


Ngiyakukulahla ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho, uwe ebusweni bomhlabathi; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.


“Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: ‘Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu, umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.


nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite