Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 19:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emveni kwalokho, ngezwa sengathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, inkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Emva kwalokho ngezwa izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, nodumo, namandla, makube eNkosini uNkulunkulu wethu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Emva kwalokho ngezwa izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, nodumo, namandla, makube eNkosini uNkulunkulu wethu;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 19:1
23 Referans Kwoze  

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.


Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.


Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu.


Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.”


Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla.


Haleluya! Dumisa uJehova, mphefumulo wami.


Kepha thina siyakumbonga uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. Haleluya!


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*


Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.


Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke emhlanganweni nasebandleni labaqotho.


UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.


Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!


Bese kuqhumuka izulu nomhlaba, nakho konke okukukho, ngokuhlabelela ngeBabele, ngokuba abachithi bayakumfikela bevela enyakatho,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite