Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 18:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 18:21
14 Referans Kwoze  

Ngiyakukwenza incithakalo, ungabe usabakho; uyakufunwa, kepha awusayikufunyanwa kuze kube phakade, isho iNkosi uJehova.”


Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Izwi lababetha ihabhu* nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,


Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyaniswanga.


kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini.


Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.


Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.


emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’


Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,


kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.


Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.


Izintwa ziyabasibekela; bashona ezinzulwini njengetshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite