Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 18:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 18:20
26 Referans Kwoze  

Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu


ukuze nikhumbule amazwi ashunyayelwa phambili yibo abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu,


Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,


nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi,


Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe, abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.


Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.


Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.


Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,


bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya


Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.


Mabathuke bona, wena ubusise; nxa bevuka, mabajabhe; kepha inceku yakho mayithokoze.


Olungileyo uyakukubona, ajabule; ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.


Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.


uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;


“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.


“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.


UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho, uxoshile izitha zakho. INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi.


Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite