Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 17:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 17:8
28 Referans Kwoze  

Nesilo esasikhona, kepha esingasekho, singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, siya ekubhujisweni.


Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.


Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,


njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.


“Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


okwaziwa kwaphakade.


Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.


“ ‘Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.


“Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.


owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye.


Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.


Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite