Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 16:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, ubanikile igazi ukuba baliphuze; ngoba bafanele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, ubanikile igazi ukuba baliphuze; ngoba bafanele.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 16:6
25 Referans Kwoze  

Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo, badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi; inyama yonke iyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”


Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe.


nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.


ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: “Lo muntu ufanele ukufa, ngokuba uprofethile ngalo muzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.”


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.


UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi.


iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,


Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakho ngegazi lakho kuze kube sezintabeni, imifudlana igcwale ngawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite