Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 16:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngase ngizwa izwi elikhulu liphuma ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha zolaka lukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngase ngizwa izwi elikhulu liphuma ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha zolaka lukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 16:1
17 Referans Kwoze  

Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.


Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.


Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.


Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”


Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.


Wakhuluma kuyo indoda eyembethe ilineni, wathi: “Ngena phakathi kwamasondo ayingilizayo phansi kwekherubi, ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle omlilo ophakathi kwamakherubi, uwahlakaze phezu komuzi.” Yangena phambi kwamehlo ami.


Nenye ingelosi futhi yaphuma e-altare, inamandla phezu komlilo, yamemeza ngezwi elikhulu kuyo ebinesikela elibukhali, ithi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba, ngokuba izithelo zomvini zivuthiwe.”


Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.”


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’


Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwamakhanda abo, isho iNkosi uJehova.”


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite