Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 14:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 14:1
30 Referans Kwoze  

Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


“Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;


ngenze abaqhugayo babe yinsali, abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.


Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele* lobufakazi ezulwini,


Kepha iSiyoni lithi: “UJehova ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.”


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami, lithi: “Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.”


Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,


Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.


Ngase ngibona mina Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya.


Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso bami.


Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubi* kwabonakala okunjengetshe lesafire,* kufana kungathi nesihlalo sobukhosi.


Wayesengiyisa esangweni legceke. Ngabona, bheka, nanso imbobo ogangeni.


Ngase ngibheka, naso isandla saselulelwe kimi, naphakathi kwaso, bheka, ngumqulu wencwadi.


Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.


Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*


Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.*


UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”


Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.


zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite