Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:3
27 Referans Kwoze  

“Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.


Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


Yayisithi kimi ingelosi: “Umangalelani na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.


Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi, kuvele enye emva kwawo; iyakwahluka kwawokuqala, ithobise amakhosi amathathu.


nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu, olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.


Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.


Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa;


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani,* inyoka esheshayo, uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako* oselwandle.


Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;


Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Njengalokho izinzwani zezinyawo zaziyinsimbi inxenye, nenxenye ibumba, umbuso uyakuba namandla nganxanye, ngakwenye inxenye ube buthakathaka.


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,


Kuthe udrako esebona ukuthi usephonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa.


Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.


bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?”


Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.


Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani, inxenye iyibumba lombumbi, inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite