Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 11:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 11:10
29 Referans Kwoze  

Kwathi u-Ahabi esembonile u-Eliya, u-Ahabi wathi kuye: “Nguwe ongumhluphi wakwa-Israyeli na?”


Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.


Bona sebezwile bathukuthela, bafuna ukubabulala.


Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.


Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusekhona umuntu munye, uMikhaya, indodana kaJimila, esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi.” Wathi uJehoshafati: “Inkosi mayingasho njalo.”


Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.


Zase zithi izikhulu enkosini: “Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo, ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.”


Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,


Uphakamisile esokunene sabamelene naye, wajabulisa zonke izitha zakhe.


ukuze isitha sami singasho ukuthi: “Ngimahlulile,” funa abamelene nami bethabe lapha ngintengayo.


Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: “Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela.”


Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,


Kuthe udrako esebona ukuthi usephonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa.


Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe, ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo, ungaqhalazi ngosuku losizi.


“Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami, noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,


Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu; mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite