Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 10:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: “Akusayikubakho isikhathi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 wafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu, nokukhona, nomhlaba, nezinto ezikuwo, nolwandle, nokukhona kukho, ukuthi akuyikubakho isikhathi. eside:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu, nokukhona, nomhlaba, nezinto ezikuwo, nolwandle, nokukhona kukho, ukuthi akuyikubakho isikhathi eside:

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 10:6
14 Referans Kwoze  

“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”


Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”


Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubonga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,


Kepha u-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,


Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.”


Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.


Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite