Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 10:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, yembethe ifu, nothingo lwenkosazana luphezu kwekhanda layo, ubuso bayo babunjengelanga, izinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 10:1
28 Referans Kwoze  

Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”


Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.


nohleziyo wayefana netshe lejaspi* nesardiyu* ukubukeka kwakhe, nothingo lwenkosikazi luhaqe isihlalo sobukhosi lufana nesimaragidu* ukubukeka kwalo.


Ngase ngibona, ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!”


obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;


Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami;


Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.


Wazembesa ifu, ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.


“Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni, kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela, ngikusole.


Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.


Imilenze yakhe iyizinsika zetshe elimhlophe ezisekelwe ezinyaweni zegolide elihle; ukubukeka kwakhe kunjengeLebanoni, kukhethekile njengemisedari.*


UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”


Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.


Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.


Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.


Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite