Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Banike, Jehova uyakunikani? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Simakade, banike. Ngabe uyakubanikani na? Isisu esiphuphumileyo namabele angenalubisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Baphe, Jehova, uzabanikani? abakhiphe isisu futhi ome amabele.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:14
11 Referans Kwoze  

Ngokuba bhekani, kuyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba nezizalo ezingazalanga namabele angancelisanga.’


Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo.


Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe.


Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!


Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!


U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”


U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.


Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.


Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi; inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.


Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.


“Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite