Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni, kungabi bikho kuthatha sisu, kukhulelwa nakuzala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha u-Efrayimi, udumo lwakhe luyondiza lumuke njengenyoni, ekuzalweni nasesiswini nasekukhulelweni.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:11
18 Referans Kwoze  

Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.


“Banike, Jehova uyakunikani? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.


Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.


“Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


Ngokuba bhekani, kuyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba nezizalo ezingazalanga namabele angancelisanga.’


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.


Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka, nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.


Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”


nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe, nakubantwana bakhe ayakubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ekusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.


“UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni.


Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”


Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.


U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.


UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite