Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba benyukele e-Asiriya bezihambele njengezimbongolo zasendle; u-Efrayimi uyaqasha ngenkokhelo yothando.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngokuba bakhuphukele e-Asiriya bazihambela njengembongolo yasendle; u-Efrayimi ucubuzile ezithandweni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba bakhuphukela e-Asiriya, imbongolo yasendle iyodwa; U-Efrayimi waqasha izithandwa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:9
13 Referans Kwoze  

nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayikukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.


“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.


U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.


Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.


Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi, ibululu nenyoka endizayo, bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.


abahamba ukuba behlele eGibithe, bengacelanga emlonyeni wami, baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!


UJehova unokuphikisana noJuda futhi; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite