Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba bahlwanyele umoya, bavune isivunguvungu; ihlumela ngeke liveze ufulawa; uma kunjalo, abafokazi bayakuwudla.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:7
22 Referans Kwoze  

Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.


Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.


Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.


UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.


Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.


“Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo, newayini lami elisha ngenkathi yalo, ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi* lami lokusibekela ubunqunu bakhe.


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Ngokuba bheka, uJehova uyakufika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufutheka nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.


ngosuku lokutshala kwakho, lapho ubiyela, nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze, ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi nolobuhlungu obungenakupholiswa.


Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?


Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.


Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.


U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite