Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngokuba livela kwa-Israyeli, ingcweti ilenzile, kodwa alisiye uNkulunkulu; impela ithole laseSamariya liyakuba zicucu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba nalo liphuma kwa-Israyeli; ngalokho akusiye uNkulunkulu, kepha ithole laseSamariya liyakuchotshozwa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:6
22 Referans Kwoze  

kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla.


“Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.


“Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, lokhu umbumbi waso ethemba kuso, ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?


Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.


Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Nazo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezazisemizini yaseSamariya, ezenziwa ngamakhosi akwa-Israyeli acunula ngazo, uJosiya wazisusa, wenza kuzona njengazo zonke izenzo azenzileyo eBethele.


I-altare elaliseBethele, nendawo ephakemeyo eyenziwe nguJerobowamu indodana kaNebati owonisa u-Israyeli, nalelo altare kanye nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayicolisisa yaba yincushuncushu, yashisa no-Ashera.*


UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.


Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


“Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite