Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi; babeka abaholi ngingazi; bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo, ukuze kunqunywe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:4
20 Referans Kwoze  

Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”


Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.


Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


“Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


“Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’


Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’


“Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’


Lahlani kini zonke izeqo zenu eneqe ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha, ngokuba uyakufelani wena ndlu yakwa-Israyeli na?


Leyo nto yaba yisono kuyo indlu kaJerobowamu ngangokuba inqunywe, ichithwe ebusweni bomhlaba.


Umuntu angazenzela onkulunkulu na? Labo abasibo onkulunkulu.”


UNebukadinesari, inkosi, wenza isithombe segolide, ubude baso buyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi baso buyizingalo eziyisithupha, wasibeka ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.


U-Israyeli ukulahlile okuhle; isitha siyakumxosha.


Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela; wayephakeme kwa-Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.


Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite