Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba u-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe, wakha amathempeli; uJuda uyandise imizi enezivikelo eziqinile, kepha ngiyakuphonsa umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zakhe zobukhosi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:14
31 Referans Kwoze  

IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”


Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe.


Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire, uqede izindlu zalo zamakhosi.”


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba, uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”


Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.


Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.


abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na?


Izwi liyezwakala emadulini angenalutho, ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.


Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.


UJehova uyaphuma njengeqhawe; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.


Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe, umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe, bayakungcwelisa igama lami, yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe, bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.


Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,


Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.


Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo, wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi.


Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.


Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.


Bonke abantu bayakwazi, u-Efrayimi nabakhe eSamariya, abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:


“Izitini ziwile, kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite