Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Noma beqasha phakathi kwabezizwe, manje sengiyakubabutha, bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Noma ngabe sebezithengise kwabezizwe, kepha manje sengiyakubaqoqa, sebeqala ukonda ngenxa yomthwalo wenkosi yezikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Yebo, nakuba beqashile phakathi kwezizwe, manje ngizobabutha, futhi bayolila kancane ngenxa yomthwalo wenkosi yezikhulu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:10
21 Referans Kwoze  

ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo, nazo zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo, ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke, ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.


Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele, evela enyakatho, eyinkosi yamakhosi, enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi.


Ngokuba lithi: ‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?


“Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kusezakuba yisikhashana nje ngizamazamisa amazulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo,


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini* phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise.


zathi kuJeremiya umprofethi: “Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi, njengalokhu amehlo akho ekubona nje,


Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.


UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.


Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.


Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli.


Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho.


“U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abakhelwane bakhe,


Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHosheya, ngokuba wayethume izithunywa kuSo inkosi yaseGibithe, engasenyusi ntela enkosini yase-Asiriya njengokwenza kwakhe imihla ngemihla; ngalokho inkosi yase-Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni.


abahamba ukuba behlele eGibithe, bengacelanga emlonyeni wami, baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!


UJehova unokuphikisana noJuda futhi; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite